Kube Ngangazi

Sjava, Delayde, Webmoms

Kube ngangazi
Kube ngangazi

Ngaphoxa abazali badumala mabethol’ ukuthi ng’khulelwe
Mabeng’buza ngawe ekhaya
Kwabanzima ukubatshela ung’balekele
Baba nomama ngicela uxolo
Umkhohlisi ung’khohlisile
K’thiw’ intandane enhle umakhothwa unina
Kumele ngiqine mtanami ngik’khulise

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami

Wuye lo umtanakho usekhulile
‘Yambona useyintombi engakanani
Ezimnandi ukuthi uyasebenza, futhi uyang’nakekela
Mangingakhala ngabe ngiqamba amanga

Ezib’hlungu ukuthi emoyeni akeneme neze
Uhlale ethikuthele, enolaka
Mangimbuza ngomkhwenyane akaphenduli
Uvele anxaphe athi yena akafuni k’gana

Mama amadoda mina ngiyawazonda ayizinja
Ubaba wathi uyas’thanda kodwa ekugcineni wasishiya
Manje ngidlala abafana ngihambe ngishayisa
Ngoba ngifun’ uthando el’zovala is’khala sababa

Kub’hlungu
Ng’zothanda kanjani uthando ngingalwazi ngikhula
Kub’hlungu
Uthi konke akwakhayo kuyabhidlika kungenxa yakho

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami

Curiosidades sobre a música Kube Ngangazi de Sjava

Quando a música “Kube Ngangazi” foi lançada por Sjava?
A música Kube Ngangazi foi lançada em 2023, no álbum “Isibuko”.
De quem é a composição da música “Kube Ngangazi” de Sjava?
A música “Kube Ngangazi” de Sjava foi composta por Sjava, Delayde, Webmoms.

Músicas mais populares de Sjava

Outros artistas de African hip hop