Asibo Bonke

Asibo bonke bathi Nkosi, Nkosi
Abayongena embusweni weZulu
Kodwa yilowo wenz'intando Yakhe
Yen'uzongena embusweni weZulu

Abanye bokhala ngalolosuku
Siprofetile Nkosi ngegama lakho
Abanye bakhale bathi Nkos'uJesu
Ngegama lakho sakhiph'amadimoni

INkos'uJesu iyophendula
Dedani kimi nina benzi bobubi
INkos'uJesu iyophendula ithi
Sukani kimi anginazi

Ungazifihla izono zakho
Kodwa kuJesu asoze wazifihla
Ungathembeka nasebantwini
Kodwa kuJesu kawethembekanga

May'uzokhala ngaleyo mini
Usosizini olwesabekayo
May'uzofisa ngab'ungazalwanga
Kodwa ke manje usukhona lapha

INkos'uJesu iyophendula
Dedani kimi nina benzi bobubi
INkos'uJesu iyophendula ithi
Sukani kimi anginazi

Asibo bonke (Asibo bonke)
Asibo bonke (Bathi Nkosi, Nkosi)
Asibo bonke (Abayongena)
Abayongena (Embusweni weZulu)

Asibo bonke (Asibo bonke)
Asibo bonke (Bathi Nkosi, Nkosi)
Asibo bonke (Abayongena)
Abayongena (Embusweni weZulu)

Asibo bonke (Asibo bonke)
Asibo bonke (Bathi Nkosi, Nkosi)
Asibo bonke (Abayongena)
Abayongena (Embusweni weZulu)

Asibo bonke (Asibo bonke)
Asibo bonke (Bathi Nkosi, Nkosi)
Asibo bonke (Abayongena)
Abayongena (Embusweni weZulu)

Músicas mais populares de Derrick Ndzimande

Outros artistas de Gospel